Futhi bafinyelele emakhaya ngokuphepha.
Lencwajana ingumhlahlandlela wokukusiza ukuba uzigcine usesimweni esihle sempilo ngenkathi usemgwaqeni.
Bazimisele ukuphendula noma imuphi umbuzo ongase ube nawo malungana nempilo yakho.
Uma uqashe abashayeli bamaloli, unesibopho kubona.
Ugcina umgomo wezempilo wabo bonke abaqashwa?
Ubanika ulwazi lwezempilo kanye namakhondomu?
Uvumela abashayeli ukuthi bahambe nabazokubachithisa isizungu uma bezohamba amabanga amade na?
Uyabahlinzeka nje abashayei bakho ngamagilavu enjoloba ukuze bawagqoke lapho besiza olimele na?
Ake uthabathe umzuzwana uphendule lemibuzo elandelayo.
Kungabe nginezinsumpa kumbe izilonda esithweni sami sangasese?
Umlingani wami ke yena?
Kungabe kukhona uketshezi oluphumayo, oluconsayo kumbe umchamo oshisayo?
Umlingani wami yena kungabe unalo uketshezi oluphuma kuyena?
Uma uthi yebo, wenzenjani?
Uma uthi yebo, wena nomlingani wakho (noma abalingani) kufanele nithole izeluleko zezempilo esibhedlela, emtholampilo kumbe kumahamba nendlawana wezempilo.
Ngoba kulula ukwelapha izifo zocansi/ amaSTD.
Ngoba uma unesifo socansi amathuba okuba uthole futhi udlulise igciwane le HIV makhulu kakhulu.
Uyazi yini ngezikhungo zezeMpilo nokwazisa eziseca komgwaqo?
Abashayeli bamaloli bemukelekile!
Ngingaya kuphi no uma ngigula ngisendleleni?
Kumgudu ohamba ngawo ungaya kunoma isiphi isibhedlela sikahulumeni, umtholampilo, kumbe udokotela. Kodwa kulukhuni ukuchezuka endleleni yakho eqondile. Kulukhuni futhi ukumisa iloli lakho emini uma uzokulishiya isikhathi eside.
Ikhona enye indlela!
Zama omunye walemiTholampilo ebuye inikeze ngolwazi eba seceleni koMgwaqo. Kukhona abahlengi abaqeqeshiwe futhi abanomusa, kanti futhi unokuthola iseluleko nolwazi kumuntu onolwazi futhi onguchwepheshe mayelana nanoma iyiphi inkinga yezempilo ongahlangabezana nayo. Ungalimisa iloli lakho emtholampilo kanti ungeza kothola usizo ngisho ngesikhathi sasebusuku.
Imitholampilo eseceleni komgwaqo inikeza luphi usizo na?
Ulwazi lokuthi ungayaphi uma ufuna ukuhlola igazi uhlolelwa iHIV/AIDS.
Konke ke ukwelashwa okuthola kulemitholampilo eseca komgwaqo kugcineka kuyimfihlo akuvezelwa muntu. Inkampani oyisebenzelayo kumbe umqashi wakho angeke atshelwe ukuthi uke wahambela omunye walemitholampilo.
Yonke lemitholampilo yaseca komgwaqo iyavulwa ntambama kuze kube phakathi kwamabili, phakathi nesonto.
Lezi zikhathi zibalungele kakhulu abashayeli bamaloli ngoba kulukhuni kubona ukuma emini ngoba basuke besebenza beshayela besemgwaqeni.
Imitholampilo yasemgwaqweni ebuye ibe izikhungo zokwazisa itholakala kulemigudu ekhonjisiwe kulelibalazwe.
Zama omunye walemiTholampilo ebuye inikeze ngolwazi eba seceleni koMgwaqo. Kukhona abahlengi abaqeqeshiwe futhi abanomusa ngendlea eyisimanga, kanti futhi unokuthola iseluleko nolwazi kumuntu onolwazi futhi onguchwepheshe wezempilo mayelana nanoma iyiphi inkinga yezempilo ongahlangabezana nayo. Ungalimisa iloli lakho emtholampilo kanti ungeza kothola usizo ngisho ebusuku.
Kufanele uyohlolwa amehlo.
Uma kusemini, mana endaweni enokukhanya okuningi bese ubeka lelikhadi phambi kwakho kufasitela eliphambili elivimba umoya. Hlehla uhlalele emuva esihlalweni sakho ibanga elingangemitha elilodwa 1m ukusuka ekhadini.
Wenze kanjani ke?
Uma wehlulekile ukuzifunda zonke izinhlamvu, kufanele ubonane nodokotela wamehlo ukuze akuhlole ngobuchwepheshe.
Uma unesizungu, ukhumbule ekhaya nobathandayo...
Uchitha isikhathi eside ungekho ekhaya futhi kunezikhathi lapho ukhumbula khona ukunethezeka nentokomalo yasekhaya lakho kanye nobathandayo.
Izithelo ezifuleshi kanye nemifino kusiza kuqinise uhlelo lwakho lomzimba lokuzivikela futhi kukunika amandla. Zama ukugwema ukudla okuncinca amafutha.
Ukulala elolini kungenethezeke kakhulu; KODWA ukulala okwenele kusiza ukuba usebenze kahle.
Ukwelula imilenze kanye nokulandela uhlelo lokuzithwishila nokuzivoca-voca kwenza ukuthi uhlale uphapheme. Ukuphuma elolini nakho kwenza umqondo wakho uphaphame futhi kukunika ukuphumula.
Inhlanzeko - ukusuka nokuhlala!
Yize zingeningi izikhumulo zamaloli ezinezindawo zokugeza, zama ukugeza nsuku zonke. Ukuziphatha ngokuhlanzeka akuyilungele impilo yakho nje kuphela; kodwa kukwenza uzizwe uncwaba futhi unentokomalo.
Emgwaqeni lapha ubhekana nezingozi eziningi. Abashayeli bayaqolwa futhi bephucwe nezimoti, njengoba wazi ke.
Ngakho ke qaphela uhlale uvule amehlo ngaso sonke isikhathi uqikelele ugweme inhlekelele.
Ukuthi iHIV ngenye yezinto eziyingozi enkulu kubashayeli. I-HIV phela yileligciwane elidala isifo sengculazi I-AIDS. Siyingozi kakhulu ke lesi sifo ngoba uma uke wasithola, awube uselapheka futhi nempilo yakho iyafingqeka.
Akunjalo Ngeke uthole igciwane le HIV ngoba nakhu ushayela nomuntu onalo emzimbeni wakhe. INgculazi/AIDS ungayithola kuphela uma uya ocansini ungavikelekile kanti lo olele naye usenalo leligciwane noma uma igazi lakho lithintana negazi elinaleligciwane. Kungalesi sizathu ke kufanele ukuthi usebenzise ikhondomu ngaso sonke isikhathi lapho uya ocansini. Kungaleso sizathu ke futhi kufanele ukuthi ugqoke amagilavu uma usiza umuntu olimele.
Akunjalo. Ayelapheki I-AIDS. UDokotela ngeke naye ayelaphe. Ngisho nenyanga mbala ngeke ikwelaphe. Empeleni nje akekho ongase akwelaphe uma selikungene leligciwane. Uma usunalo ke kufanele uthole makhambi thizeni futhi welulekwe abezempilo.
Kuyiqiniso Owesimame okhulelwe one HIV/AIDS angalidlulisela enganeni yakhe leligciwane, lapho izalwa kumbe ngenkathi eyincelisa. Kusemqoka ke ukuthi abesifazane abakhulelwe bahlole igazi ukuze bazi noma likhona leli gciwane emzimbeni wabo noma cha. Bangazithola izeluleko emtholampilo abayivakashelayo lapho bekhulelwe. Lolu sizo lubeka ingane ethubeni lokuba iphile.
Akunjalo Ngeke umbone ebusweni umuntu onegciwane le HIV. Abantu baye babukeke beyimiqemane futhi bebahle njengamampentshiso, kodwa kungenzeka ukuthi sebelithwele leligciwane khona bebahle benjalo. Kanti ngakolunye uhlangothi akuzuthi wonke umuntu ozizacele nje futhi ezigulela bese kuthiwa uphethwe yilesi sifo. Yimiphumela yokuhlolwa kwegazi kuphela enokuveza ubufakazi bokuthi nangempela umuntu ulithwele leligciwane, kumbe kanalo.
Kuyiqiniso Uma utholakale unegciwane leHIV akusho lokho ukuthi usufike kwangqi ngetshe. Usenokuphila eside isikhathi futhi uqhubeke nokushayela. Kuzokufanela nje kuphela ude uvakashela kwadokotela ukuze akweluleke. Kuzokufanela futhi uzijwayeze ukudla ngokufanele futhi uzivoca-voce njalo njalo, futhi kufanele ukuyeke ukuphuza nokubhema.
Uma usulitholile leligciwane unesibopho sokuthi ungalidluliseli kumkakho kumbe omunye umlingani wakho ngokocansi. Ukhumbule ke ukuthi ngaso sonke isikhathi uma uya ocansini usebenzise ijazi likamkhwenyana/ikhondomu.
Kuyiqiniso Abantu abanezifo zocansi (amaSTD) kulula kakhulu ukuba batholwe yigciwane le HIV uma beya ocansini nomuntu onalo leligciwane. Abalingani babo ngokocansi basengcupheni embi yokutholwa yi- HIV/AIDS. Uma unesifo socansi, shesha uthole ukwalulekwa ngabezempilo. Izifo zocansi ziyelapheka ngaphandle kwezindleko nangaphandle kobuhlungu. Khuluma ukhululeke nalowo ongumlingani wakho kwezocansi (kumbe abalingani ke) ngenkinga yakho futhi ubakhuthaze ukuthi nabo bakhulume ngayo.
Uthole kwakungaki ke ngenkathi uhlolwa?
Ulwazi lwakho nge HIV/AIDS luhle kakhulu futhi uyazi ukuthi ungakugwema kanjani ukutholwa yileli gciwane.
Kodwa ke, yenza isiqiniseko sokuthi awuyi ocansini ungavikelekile.
Bukisisa izimpendulo ongazitholanga. Qinisekisa ukuthi awuyi ocansini ungavikelekile ngejazi likamkhwenyana/ikhondomu. Zinike isibopho nangaphezulu. Qinisekisa futhi ukuthi noma yini oyenzayo ayizukukubeka engcupheni nasengozini yokutholwa yileli gciwane.
Kufanele uthole olunye ulwazi. Kanti imithombo yalolo lwazi yilena: abaqashi, imitholampilo, izibhedlela, izikhungo zezempilo eziseca komgwaqo, abeluleki ngocingo beAIDS.
Ngingazivikela kanjani ke mina?
Mazi umlingani wakho ngokocansi. Ingozi yokuthola igciwane lesandulela-ngculazi/ HIV inkulu uma ungamazi kahle lowo oya naye ocansini. Abantu abaningi abanaleli gciwane abazi ukuthi banalo.
Khuluma ukhululeke nomlingani wakho mayelana nengcuphe yeNgculazi. Uma unganalo iqiniso lokuthi umlingani wakho akanalo leligciwane ziphephise uye ocansini uzivikele.
Uma uphuza amponjwana kumbe ubhema umthunzi wezinkuku unokwehluleka ukulawula ukwenza kwakho. Kungalula ke nokuvuma ukuya ocansini ungazivikele futhi kulula nokuthi ukhohlwe ukusebenzisa ijazi likamkhwenyana/ikhondomu. Vele phela, uyakwazi ukuthi akufanele nje uze ushayele uma uke wathi ukuhabula utshwala kumbe wathi ukudonsa insangu.
Hlala uzihlinzeke ngamakhondomu ngaso sonke isikhathi. Angeke wazi ukuthi uyokuhlangani nobani, noma ukuthi uzoba namiphi imizwa. Awazi futhi ukuthi uzogcina wenzeni.
Sebenzisa ikhondomu ngaso sonke isikhathi uma ungamethembi kumbe ungamazi umlingani wakho ngokocansi, futhi ungalokothi uye kwabadayisa ngemizimba ungahlomile ngekhondomu.
Ungawathenga amakhondomu emakhemisi, ezitolo, kumbe ezindaweni ezidayisa uphethiloli. Ungathola awamahhala kuzikhungo zempilo eziseca komgwaqo, emitholampilo nasezibhedlela.
Asebenzise ngendlela yakhona amakhondomu. Bukisisa ulandele umbhalo okukhombisayo ukuthi asetshenziswa kanjani.
Ukuhlolwa kwegazi kwaselaboratory kuphela okunokuveza iqiniso lokuthi unayo noma awunayo I- HIV. Kuhle ulihlole igazi ukuze uhlale usazi isimo sempilo yakho, wazi ukuthi unalo noma cha igciwane elandulela ingculazi kumbe yona ingculazi uqobo. Lokho kwenza ukuthi ungabe usaba nexhala nokungabaza. Futhi lolo lwazi lukusiza ukuba uyihlele kahle impilo yakho.
Ungalihlola igazi lakho emtholampilo kumbe esibhedlela kumbe ungaya kudokotela wangasese ukuba akuhlole.
Abeluleki abongongoti nochwepheshe bayokukhuluma nawe ngasese nangobumfihlo ngaphambi kokuba uhlolwe igazi nasemveni kokuba uthole imiphumela yalokho kuhlolwa. Imiphumela yokuhlolwa kwegazi lakho iyokunikezwa wena kuphela. Akekho ke omunye umuntu ozokwazi ngaleyomiphumela. Ngokuvamile uhlolwa mahhala.
Njengendoda, unezibopho eziningi...
Umelwe ukunakekela unkosikazi wakho, izingane, abangane, nezinye izihlobo zakho.
Kusemqoka ke ukuthi unakekele impilo yomndeni wakho nanokuthi uqikelele ukuthi awumtheleli umkakho ngezifo zocansi nengculazi. Ivikele impilo yakhe bo! Khumbula futhi ukuthi uma ekhulelwa kanti usenegciwane elandulela ingculazi, nengane yakho nayo ingase yesuleleke yilesi sifo. Vikela impilo yengane yakho bo!
Ukuba nesibopho kusho ukuthi unakekela nezimpilo zalabo abesifazane oya nabo ocansini. Qinisekisa ukuthi awudluliseli kugula kubona, futhi uqaphele ukuthi nabo kabakutheleli ngezifo.
Hamba ke uyobonisana ngempilo nokuphepha nosebenza nabo. Mhlasimbe nabo sebelifundile lelipheshana futhi bathanda ukukhuluma ngabakufunde kulona.
Qiniseka ukuthi iloli lakho linakekeleke kahle. Ukuphepha kwakho kusemqoka, kanti ukuphepha kwakho kuncike kusimo esamukelekile seloli lakho ukuthi lingaba semgwaqweni.
